Skip to main content

Uvaleliswe ngenhlokomo uCFO wase Harry Gwala

01 September 2025

Kunconywe uCFO uMnuz Mthembeni Mzimela, ngegalelo lakhe lokusebenza ngokuzikhandla nokuqinisekisa ukuthi umasipala usebenzisa imali ekhona (funded budget) ukufeza izimfuno zomphakathi.
Namhlanje , 28 Agasti 2025, eMorning View eXobho.
USomlomo kumasipala uCllr. Sibongiseni Mdunge uncome lo CFO ofike kulomasipala ngo-2022 usebenze ngokuzikhandla futhi wenza isiqiniseko sokuthi izimali zikamasipala zisebenza ngendlela.
“Njengoba sikuvalelisa namhlanje siyaziqhenya ngomsebenzi omuhle Wenzile kulomasipala, kumanje sisebenza ngemali ekhona (funded budget) ukufeza izidingo zomphakathi. Nisebenze kahle nethimba lakho. Sikufisela inhlanhla kumadlela aluhlaza owatholile,” kusho uCllr. Mdunge.
Izikhulumi zonke zincome Ukuzithoba nokusebenza ngokuzikhandla kwakhe.
UMzimela, uncome iHarry Gwala ngokumeseka emsebenzini wakhe wafisela umasipala okuhle Kodwa njengoba esehamba. Kubambe uNkk Slindile Zitha kwesika-CFO.