KUBE INJABULO YODWA KUXHASWA INTSHA ENGASEBENZI EHARRY GWALA DISTRICT
Njengengxenye yokugubha inyanga yentsha uMasipala Wesifunda saseHarry Gwala, namhlanje mhlaka 26 Juni 2025, uhlanganise intsha emcimbini obizwa nge 'Youth Commemoration Programne' obanjelwe eSoweto Hall eXobho.
Lomcimbi uhanjelwe uSomlomo Wesishayamthetho saKwaZulu-Natali, uNksz. uNontembeko Boyce. Umcimbi uqalise ngenguyazane (briefing) emahhovisi aseHarry Gwala, lapho amukelwe uMeya waseHarry Gwala uKhansela Zamo Nxumalo, kanye nezinye iziMeya kwi District nezikhulu zikamasipala. Inhloso yomcimbi bekuzohlomuliswa intsha enamabhizinisi ngoxhaso oluhlukene, ngenhloso yokucushisa abantu abasha abaneziqu Kodwa abangakawutholi umsebenzi kanye nokunye okuthinta abantu abasha nenkululeko yabo.
Umasipala wesiFunda ngokubambisana nabalingani bayo ,iHarry Gwala Development Agency (HGDA), iNational Youth Development Agency (NYDA), IEC nabanye babe ingxenye yokuqinisekisa lomcimbi uba impumelelo.
Intsha yesifunda inikezelwe ngezinsiza ezisemqoka zoxhaso kumabhizinisi abo kulaba abanezinkampani, baphinde bathola nezitifiketi zokuqeqeshwa ngokulungisa omakhalekhukhwini.
Uhlelo lwanamuhla luhloswe ngokunika amandla osomabhizinisi abasha ngokubanikela ngolwazi, ukubaxhumanisa nezimakethe kanye nokubavulela amathuba okukhula kwamabhizinisi abo. Luhlose futhi ukuhlonza izindlela ezintsha ezingasiza abasunguli bamabhizinisi abasha ukuthi babonakale futhi bathole ukufinyelela okubalulekile kumathuba ezomnotho.
USomlomo uNksz Boyce, uthe abantu abasha abasukume bezibambele, amathuba abawanikwa uhulumeni ekusunguleni amabhizimisi bewasebenzise.
Amabhizinisi amane okuqala aphumelele ahambe nezinhlobonhlobo zoxhaso, njengoba kufingqiwe ngezansi:
1. Gagase Nhlangulela (Pty) Ltd. Uthole lokhu:
● 100 Gold Tiffany Chairs with Cushions
● 12 Rectangular Folding Trestle plastic
● 12 round folding plastic tables
● Burner Gas Stove
● 370litr heavy duty pots
● 5 Roll top chafing dishes with windows
● 5 square roll chafing dishes with windows
● 5 square roll chafing dishes with windows.
2. uBuntu Creative , uthole lokhu:
● Laser Cutter Basic Kit
3. Delicate Cuisine, uthole lokhu:
● Wendy House
● Petrol Generator
● 157litre Double Door Fridge
● 4 Plate electric stove
4. Zukies Beauty Spar, uthole lokhu:
● 2 Wooden Portable massage bed
● 2 Professional salon spar stand steamer
● 1.2litre professional towel warmer cabinet
● 2 Plus with comfort current UV Gel lamp
● 22 piece nail kit UV gel polish & cosmetics case
● Massage 3 drawer Cabinet
● Professional double side manicure table station.
● Professional Hot& strip waxing
Abantu abasha abawu - 12 bahlomule nge:Digital skills development (Mobile Cellular Phones & Tablet Repairs technical skills level 4. Bonke laba abaqhuka kamasipala abahlukene bathole equipment yokukhanda amafoni.



