Isifunda SaseHarry Gwala Sihlanganyele kwizingxoxo nge- G20 e-Esayidi TVET College, eKokstad
Namhlanje, mhla zingama-31 kuNtulikazi 2025, uMasipala Wesifunda saseHarry Gwala ubambe iqhaza kwiNgxoxo nabathintekayo ngodaba lwe-G20 ebihlelwe uHulumeni ngokubambisana ne-Government Communication and Information System (GCIS), e-Esayidi TVET College, eKokstad, omasipala neminyango eyahlukene, ngaphansi kwendikimba ethi “UBUMBANO, UKULINGANA NOKUSIMAMA”.
Lo mcimbi uhlanganise izinhlaka zika kuhulumeni, ezinkampanini nomphakathi ukuze baxoxe ngezindaba ezihlobene nentuthuko yentsha, ukusungula izinto ezintsha, nokukhula komnotho wesifunda. Lezi zingxoxo zimayelana nokucobelelana nolwazi lufinyelele summit ye-G20 Lapho kuzobe kuhlangene amazwe ahlukene, ukuze kuthuthukiswe amazwe ngokwezomnotho, #ukuqinisa ukubambisana, nokuhambisana nezinhloso zentuthuko zasekhaya, zikazwelonke nezesizwe.
Ukubakhona kukaMasipala kulo mcimbi kugcizelele ukuzibophezela kwawo ekubuseni ngokubambisana nokuqinisa imiphakathi ngezixazululo ezihlanganyelwayo.Enkulumweni kaMeya weesifunda uKhansela Zamo Nxumalo igcizelele ukubaluleka kokugxila emnothweni wasemakhaya kanye nokuwuthuthukisa.
Uthe: “Intsha yethu siyiyale ukuthi yamukele izindlela ezintsha zokwenza izinto ngokubukela namasu ukukhuphula ezomnotho namasu eza mabhizinisi kumazwe afana no Zimbabwe, China and Japan. Lapha eHarry Gwala, ngesikhathi sibhekene nenkinga enkulu yokunqanyulwa kukagesi, saqhamuka nesixazululo sokusebenzisa ama-borehole asebenza ngamandla elanga. Lokhu kusisize ukuthi siqhubeke nokuhlinzeka abantu bethu ngamanzi ngaphandle kokuphazamiseka. Njengoba uHulumeni esungule lohlelo leG20 sithemba ukuthi izosiza ukuthi siyi Africa sizoqhamuka namasu azosiza ukukhuphula umnotho wakukeli,” kusho uMeya Nxumalo.
Intsha inikezwe ithuba lokubamba iqhaza engxoxweni ngokwabelana ngemibono emisha nezinto ezintsha ezingasiza abaholi ekuthuthukiseni isifunda, ngenhloso yokuguqula isimo somnotho sibe ngcono.
#G20SouthAfrica #G20 #HGDMG20

















