Skip to main content

I-Harry Gwala District Municipality ngokubambisana kanye neNhlangano eyenza umsebenzi wezokuthuthukisa

29 August 2025

iHarry Gwala Development Agency PTY LTD namuhla zingu (28 kuNcwaba 2025), bahlanganyele emaHhovisi ase (HGDA) ukuzonikezela ngezinsiza kusebenza kumabhizinisi asemancane ngenhloso yokuwadlodlobalisa nokwandisa amathuba emisebenzi kwisifunda iHarry Gwala District.
Lo mcimbi, ubuhanjelwe imeya uCllr Z.D Nxumalo nosomabhizinisi abaphuma komasapala abangaphansi kweHarry Gwala District ngokwehlukana kwabo esingabala; uMzimkhulu Local Municipality, Dr. Nkosazana Dlamini-Zuma Local Municipality, Johannes Phumani Phungula Local Municipality kanye neGreater Kokstad Local Municipality. Osomabhizinisi ngokuhlukahlukana kwabo bakhombise injabulo, nokubonga uxhaso abaluthola kuSifunda njengoba behlumule uxhaso lwezinsiza kusebenza ezizokhulisa amabhizinisi abo. 
iMeya, uCllr Z.D Nxumalo uhalisele bonke osomabhizinisi abathe bahlomula kulomcimbi waphinde wadlulisa okukhulu ukubonga kwi Development Agency, ube esethi “’Abantu abaningi abanamabhizinisi abalutholi uxhaso kanti lokhu kuyabasiza kakhulu ekutheni bakhule nomnotho wethu wande,nangoNyaka ozayo uhlelo luzoqhubeka futhi sizimisele ukunakekela izidingo zabantu bethu”.