Dlala Mtomdala: Abadala Bahlangane eJeffrey Zungu Sports Ground
I-Harry Gwala District Municipality ngokubambisana noMnyango Wezokungcebeleka, Ezokuthuthukisa Amasiko Nezemidlalo (DSAC) ibambe amaGolden Games namhlanje eJeffrey Zungu Sports Ground ngaphansi kwesiqubulo “Dlala Mtomdala”.
Lo mcimbi, ubuhanjelwa iphini lika meya uCllr. Nosisa Jojozi, iPhini likaMeya eJPP uCllr. Zinhle Miya (JPP),IPhini likaMeya kumasipala iDr. Nkosazana Dlamini-Zuma uCllr. Kholeka Hadebe, iNkosi uZulu kanye namanye Khansela.l komasipala baseHarry Gwala.
Abezempilo baqinisekise ukuphepha kwempilo, bekubhekwa nezifo ezingomahlalakhona.
Inhloso yalemidlalo ukukhuthaza impilo ende kubantu abadala, ukubagqugquzela ukuba bahlale beqaphile ngokomzimba nangokwengqondo, kanye nokubuyisa umoya wobunye emphakathini.
IPhini likaMeya Cllr. Jojozi lincome abantu abadala ngokuzibandakanya kwabantu abadala kulemidlala wathi bayisibonelo esihle emphakathini. “nenza kahle kakhulu ukuba ingxenye yalemidlalo. Umuntu omdala ozivocavocayo kuyamsiza nokwehlisa ingcindezi, ukwehlisa ukukhathazeka emoyeni. Lokhu ningakuthatha sengathi into encane kanti kukhulu ngoba nenza nabantu abancane befunde kunina ukuthi kumqoka ukuzivocavoca nokubalekela
Izifo ngokunyakazisa umzimba. Kuyasiza nokugwema ukukhuluphala ngokweqile. Amathuba anjena niwasebenzise njalo ningawayeki,” kusho isekela likaMeya uCllr. Jojozi.
Abahlanganyeli bagqame emidlalweni ehlukahlukene kuhlanganisa Ball shooting , Relay, ukugijima, imidlalo yobuchule neminye imidlalo.
Kulo suku kube sobala ukuthi imidlalo ayigcini ngokuncintisana kuphela, kodwa iyindlela yokuxhumana ,iqinise ubudlelwano iphinde ilethe Injabulo kubantu abadala. Ngempela, izwi elilodwa beliduma enkundleni: "Dlala Mtomdala!". Abawinile bazodlula bayoqudelana eThekwini kanye nabanye omasipala.









